Ezomndeni

Uhlelo oluyimizuzu eyisihlanu lapho sikulethela khona izeluleko ezisebenzisekayo ngabakwa - Focus on the Family
Daily Zulu South Africa Society & Culture · Religion & Spirituality
1,068 Episodes
32 – 52

Ukukhetha ozoshada naye

Nginikeni uhla oluphathekayo ekuboneni ongaba ngumkhwenyana .Ngiqapheleni phambi kokuzibophezela ngithi :”I do’?
16 May 2023 6PM 3 min

Isithembu nokuthandwa ngabaningi - indlela yokubuka yezwi

Kungani ngingamukeleki ukuba nomndeni ozisekelo zayo yizwi uma kuwukuthi ngithandana nabaniningi besifazane ? Amadoda anqala ezwini –oAbraham Jakobe,Davide noSolomon –babenamakhosikazi amaningi .Ngokubuka iministry yenu egxilile ezwini ,angiboni lutho olwenza nimelane nezinto ezinjengesithembu nezingodosi .Ngizibona nginguMkhrestu othanda ukuba nezingodosi .Ngithanda abesifazane abathe xaxa ngesibalo impela ,akukho sizathu esingenza singakwazi ukwakha isisekelo…
15 May 2023 6PM 5 min

Ukholo ukungabaza Kuqhathaniswa nokungakholwa

Ukuphi umehluko phakathi ‘kongakholwa ‘ kunye nomuntu onombuzo othembekile ngoNkulunkulu ? Ngiyakholelwa eBhayibhelini ,futhi ngiye ngitshele nabahlobo nomndeni ukuthi uNkulunkulu uyazenza izimangaliso ngisho ukuvusa abafileyo .Nokho,uma sezishuba izinto ,ngikuthola kunzima ukuthemba iNkosi.nakuba ngibatshela abanye ukuthi bangethembela emseni waKhe ,nokho ngibhekana novalo nokwesaba uma kufika izimo ezingihaqayo ezinzima.Ngakube lokho kuchaza ukuthi…
14 May 2023 6PM 6 min

Amantombazane nabasefazane ekugqokweni kwamabhulukwe

Ngingalivumela itshitshi lami ligqoke ibhulukwe? Ngakhuliswa ekhaya labazalwane abanomthetho lakhona kwakaugcizelelwa ukugqoka ngesizotha kwamantombazane. Ukusho ngqo ,uMawami wangenza ngiqonde ukuthi amantombazane akumele agqoke ibhulukwe ,” owesifazane makangagqoki okwendoda ,nendoda mayingembathi ingubo yowesifazane ,ngokuba yilowo nalowo okwenza lokho uyisinengiso kuJehova uNkulunkulu wakho” [Dut 22:5] .Kulezinsuku abesifazane sebegqoke amabhulukwe –hhayi nje ekhaya…
11 May 2023 6PM 4 min

Ukuxoxa nomuntu omusha ngokuzibulala komngani wakhe kumbe amjwayele

‘Ngixoxe kanjani nomfana wami osemusha ,mayelana nomngani wakhe osanda kuzibulala ? Lowomfana bebengaphezu kokujwayelwana naye ,manje ngiyazi lesisenzo siwuphulile umoya womfana wami ngokujulile.Ningangisiza ukungicija ukubeka kahle lesihloko kuye ?’
10 May 2023 6PM 5 min

Ukululama Enhliziyweni Emva Kwesimo Esibuhlungu

Ngingathola kanjani ukululama ekuhlasimuleni komzimba nosizi ? Inyanga yonke edlule ngakithi sibhekane nezikhukhula ezibuhlungu.Thina nje silahlekelwe yikhaya ,ukuphazamiseka kwesikole nomsebenzi okuchaza ukuma kweholo ,ukusambatheka ngekusasa.Manje njengokuba lokho sekwedlule ,sisagotshiswe amadlangala kwenye indawo ,siyimindeni,sengiqale ukubona ukuthi sisazophila nobuhlungu balesikhukhula eside isikhathi lesi .Ningangisiza ukudondolozela kulomqansa?
9 May 2023 6PM 5 min

Izizathu ukulubekela Imfundo Ephakeme

Kungani kumele ngiye e University ? Indlela mina engibuka ngayo ,amakolishi awabumbi isizukulwane esilandelayo ukuba sibe abadala abanokhiqhizo nobuholi,lokho okungasizi mfundi ukufinyelela ezimpokophelweni zakhe .Kungani uzicwilise ezikweletini ngenxa nje yokuthi kunomuntu olindele ube neziqu ? Kungani uchithe iminyaka yakho emide usebenzela ucwezu lwephepha nje ologcina lukubeka ezingeni lokuhola okufanayo nongenalo?…
8 May 2023 6PM 5 min

Umkhwenyana ozibuza ngakube abambe iqhaza lokuba ngumama

Kukhona oku-wrong ngobaba abahlala ekhaya? Njengamanje angisebenzi kanti nonkosikazi wami uhola kahle ,lokho okwenza ngibone kungcono nginakekele ikhaya nabantwana .Ngisaqala kwakubukeka kungumqondo omuhle kodwa manje senginongabazane.
7 May 2023 6PM 4 min

OGogo noMkhulu abalekelela Omama nobaba abamatasa

Ngakube thina njengoGogo ,simelwe yini ukuthatha isikhala sobuzali kubazukulu ? Undodana wami nomakoti bayasebenza futhi bahlale bematasa ngokwevile.Ngiye ngizithole nekhehla lami sesithatha iqhaza lobuzali esikhundleni sabo ukuze bone babhekane nobutasa bemisebenzi yabo.Siyakujabulela ukuba nabazukulu futhi sibe lusizo ngalendlela .Kodwa kwesinye isikhathi ngiba nomuzwa wongabazane .Nicabanga ukuthi lokhu kuluhlelo oluhle?
4 May 2023 6PM 4 min

Ukuqondisa Izigwegwe Enganeni Engekho kunyathela kunye

Yini engingayenza ukwenza indodana yami ithobele okushiwoyo yenze ngokulalela? Indodana yethu encane inenkani ,ulibeka nayo ilibeke.Ayiwenzi umsebenzi wayo wesikole futhi ayifuni noku cleaner ekamerweni layo.Uma sizama ukuxoxa nayo ngaloludaba ngomoya ophansi siphetha sesiphakamisa amaphimbo .Yini esingayenzi kahle ?
3 May 2023 6PM 5 min

Akathembekanga Umlisa Obukipite Naye

Ngenze njani ngobaba wengane ebengihlala naye ongikhohlisile ? Sesihlale ndawonye iminyaka emininganyana ,manje ngisanda kuthola ukuthi ubexoxa ngemiqhafazo ezothando nomunye umngani wami .Uma ngimqonda ngqo ,uthe kube yimi imbangela .Emva kwalokho wangilaxaza nengane yethu ,wayozihlalela noyise kubo .Lokho sengingathekisa ukuthi kungifaka ekubeni ngumzali oyedwana.Ngizizwa ngishiwe esiqhingini ngilimele.Ngenze njani ?
2 May 2023 6PM 4 min

Ubizo luqhathaniswa nokuzinikela emndenini

Njengomlandeli kaKhrestu kumele ukuthembeka okukhulu kwami kube kuphi? Nebala siyazi ukuthi uKhrestu umelwe ukuba luthando lwethu lokuqala, nokho abazalwane abasemsebenzini weNkosi baye babe nokuqophisana nokudonseka kulezizinto ngokumele kube seqhulwini.Ngakube umndeni noma ibandla kuqala, kumbe ibandla kuqala?
1 May 2023 6PM 4 min

Uyalelo lwebhayibheli olungokunikela kunye nokulindelwe KuMaKhrestu

Umyalelo wokunikela nokulindeleke kuMaKhrestu, kungatolikwa ngendlela engesiyo kwesinye isikhathi kumbe kungagqizwa qakala, lakhona aMaKhrestu esimanje ekholelwa wukuthi imithetho eyabekwa nguMose seyishanelwe nguKhrestu, qede wasishiya nemithetho emibili kuphela ukuphila ngayo. Umqondo wokukhipha okweshumi ubukeka ungasenandayo ,futhi AMaKhrestu amaningi aye aphike ubumqoka bakho kulezinsuku. Ngokuhlaba umxhwele ukuthi iThestamente elisha linokuningi elikusho ngokunikela,…
30 Apr 2023 6PM 4 min

Ngisehluleka ukulala nowakwami mbhedemunye emva kokuthi wayengathembekanga

Ngakube ukuthi ngisehluleka ukulala nomnyeni wami mbhede munye ,emva kokuthi ngathola wayekade eneshende ,kuchaza ukuthi angikamthetheleli ? Ezinyangeni ezimbalwa ngisanda kuthola ukuthi usethandane nomunye wesifazane ngokungaphezu kweminyaka ewu 4.Ubuhlungu ngalokho akwenza ,futhi usebunqamulile ubudlelwane babo ,kodwa ngezizathu thizeni ngikuthola kunzima ukusondela kuye.Lokho kumdida ingqondo aze athi kushukuthi angikamthetheleli.Uze athi kungcono…
26 Apr 2023 6PM 4 min

Izimpawu Zokukinatelwa Ngama - video nama-computer Game

Ngingazi kanjani ukuthi senginenkinga enqala ngama electronic nama –online games? Ngingavuma ngikukhonzile ukudlala .Mangiphuma emsebenzini njalo ntambama ngiya kuma electronic games ami .Yindlela yami yokuphumuza ingqondo emva kosuku belusinda.Inkinga ekhona eyodwa ngukuthi ngishadile ,ngingubaba ,manje unkosikazi wami useqala ukukhalaza .Wangitshela ngolunye usuku ukuthi sengikinatelwe ama-game.Iyenzeka into enjalo kodwa?
25 Apr 2023 6PM 4 min

Ingane Ekhetha Ukudla

Singenza kanjani ukuthi umaqhenyane wengane yethu ena -4 idle konke esiyinika khona? Ukukhetha kwakhe ukudla sekusinyusela ushukela phela manje.Kaningi simnqabela ama kip kip kodwa siyabona ngesidlo santambama uwazungeza yonke indawo.Mina ngibona lokhu kukhetha kwakhe kuluphawu lokungalaleli kodwa uyise yena usaba ukuthi uma sikwenza kuba ludaba kuzokwenza angadli kakhulu kunakuqala.Senzenjani ?
24 Apr 2023 6PM 4 min

Usizo koGogo Abakhulisa Abazukulu

Ninalo ululeko kugogo nomkhulu ababhekene nokukhulisa umzukulu wabo ? Abazukulu bethu ababili bahlala nathi futhi cishe kuzoba ngeside isikhathi .Singabenza kanjani bezizwe besekhaya elifudumele ngaphandle kokukhathala kwengqondo kithi?
23 Apr 2023 6PM 4 min

Izinsika zezibhalo zokuvikela ukuphila koluntu

Kukuphi lakhona ibhayibheli likhuluma ‘ngobungcwele bempilo yoluntu”? Ngiyezwa nje leligama selivelele ,ngokuqhubeka ngilizwa ,yila khona nencazo yalo ngingayitholi .Umzekelo omuhle ,yila khona ngihlale ngizwa ebandleni,emisakazweni nezinhlangano ezilwela ukuphila zisebenzisa leligama.Nanxa kunjalo kodwa angiziboni sengiliqonda kahle nokuthi liqhamuke kanjani .Ikhona insika yebhayibheli engalomqondo?
19 Apr 2023 6PM 5 min
32 – 52